Izindaba

Kusolwa isandla semfene ekudutshulweni kwemoto kaMogotsi

OWESIFAZANE waseVosloorus useveze ukuthi indaba yokudutshulwa kukaBrown Mogotsi iyisikeshi.


Lo wesifazane upotshozele iSowetan ukuthi ngoMsombuluko ngoMsombuluko ebusuku lubenomuntu wakhe ngesikhathi indoda ebishayela imoto ebomvu igila umhlola.

Lo wesifazane uthe le ndoda ishayela ngesivinini esikhulu ngesikhathi ivele imisa imoto esithubeni yaphuma nesibhamu yaqala ukudubula imoto.

Ubone lapho ukuthi lo owenza lokhu uMogotsi njengoba evele emazela kuthelevishini.

Emotweni akutholakalanga ngisho iconsi legazi yize imoto idutshulwe ngezinhlamvu eziwu-8.