UZuma utuse uTraoré ngenkululeko yezwe
OWAYENGUMENGAMELI waseNingizimu Afrika uJacob Zuma utuse umengameli waseBurkina Faso ngokukhulula izwe kubacindezeli.
UZuma usho lokhu phambi kwabezindaba ngemuva kokuhlangana nomengameli u-Ibrahim Traoré e-Ouagadougou nokuyilapho ekhulume ngenkululeko yangempela ye-Afrika.
UZuma uncome isibindi sabomsinsi eBurkina Faso. Uthe ufuna ukubambisana noTraoré ukuze aqhubekisele imfundiso yokubaluleka kwenkululeko yoqobo e-Afrika.
“Abacindezeli basacabanga ukuthi ingcebo yase-Afrika ingeyabo, Sekuyisikhathi sokuthi sithi sekwanele,” kusho uZuma.
Uphinde wagxeka izinhlangano zalapha e-Afrika ezigxeka inkululeko ngoba nakhu zifuna umcindezeli aqhubeke nokuqhilaza i-Afrika nokudla amandla engcebo namagugu akulelizwekazi.

