Izindaba

I-MK Party isishaya ngomacekeceke kaSomlomo

IQEMBU loMkhonto WeSizwe Party selimemezele uSomlomo walo umosha ePhalamende likaZwelonke.


UDes Van Rooyen nguyena osengene kulesi sikhundla njengoSomlomo omusha.Uthatha izintambo kuColleen Makhubele, naye owazithatha kuMzwanele Manyi owaphatha isikhashana esifushane.


Kuzokhumbuleka ukuthi uVan Rooyen ujoyine uMkhonto WeSizwe noMay wonyaka odlule kulandela ukushiya i-ANC.


Ngesikhathi eshiya i-ANC waveza ukuthi wayesebe yilungu layo iminyaka kusukela eneminyaka ewu-16.


UVan Rooyen waduma kakhulu ngokuqokwa esikhundleni sokuba uNgqongqoshe weziMali owaphatha izinsuku ezintathu, ngesikhathi uJacob Zuma esangumengameli wezwe.