Izindaba

Ubufakazi obushaqisayo ngokubulawa kwenkosi yakwaXimba

INKOSI yakwaXimba eMkhambathini yabulawelwa ukukhuluma iphikisa ukudayiswa komhlaba ngokungemthetho.


Lezi zindaba ezishaqisayo zivezwe ngumphenyi wecala lokubulawa kwenkosi uZIbuse Mlaba nokukhonjwa umfowabo uMzamo Duncan Mlaba ngokuba ngungqondongqondo kulesi sigameko.


Indawo eyadala ukuthi iNkosi uMlaba ibulawe ngeyaseLion Park eduze kwaseCamperdown nengeyesizwe sabantu bakwaXimba.


Umphenyi u Sergeant Ntokozo Zulu  ubekhuluma ngesikhathi sokuphikiswa kwesicelo sebheyili sikaMzamo eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesithathu.

UMzamo, usolwa ngokuyalela izinkabi ukuthi zisoconge iNkosi uMlaba  nokuthi wakhokha u-R130,000 ngakho, okwamanje ufaka isicelo sebheyili emacaleni amabili ahlukene okubulala.

Enkantolo yaseMlazi, uMzamo ufuna ibheyili ngokubulala uMncedisi Gwala, okusolwa ukuthi wamqasha ukubulala inkosi uMlaba ngo-October 21, 2021.

UGwala wabulawa ngoFebruary 2022.

Kusolwa ukuthi uMzamo wabulala uGwala ngemuva kokuthola ukuthi uGwala wayetshela abanye ababoshiwe ukuthi uMzamo wayethinteka ekubulaweni kwenkosi.

Ngaphezu kwalokho, uMzamo wezwa ukuthi uGwala ukhonjwe kumavidiyo ahlobene nokufa kukaZibuse.