UMchunu uzimisele ukuhoxa emisebenzini yakhe
I-African National Congress (ANC) iqinisekisile ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe uzimisele ukuhoxa esikhundleni sakhe.
USenzo Mchunu usekhombise ukuzimisela ekuhoxeni emisebenzini wenhlangano i-ANC.
Isitatimende seqembu siveze ukuthi kunokubambisana okuhle okuqhubekayo phakathi kukaMchunu neKhomishini kaMadlanga kanye neKhomishini Yobuqotho be-ANC.
IKomidi Eliphezulu Likazwelonke (i-NEC) lixoxe ngalolu daba futhi laqinisekisa ukuthi isinqumo salo siqondiswa uMthethosisekelo we-ANC kanye nenqubomgomo yalo yokuhoxa.Â
Kwenzeka lokhu nje uMchunu usanda kunikezela izingncingo zakhe emaphoyiseni njengengxenye emqoka yokuqhuba uphenyo ngezinsolo ezimbi ezenziwa uLietenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJuly 6 kulo nyaka.

