Izindaba

Zizovela enkantolo izelamani ezithinteka ekufeni kuka-AKA

UMalusi noSiyabonga Ndimande kumanje basesesiteshini samaphoyisa saseDurban Central, lapho kuthathwa khona amanyela eminwe namasampula e-DNA.


Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ntambama namhlanje nokuyilapho bezobingelela khona inkantolo.

Namuhla amaphoyisa akuleli abalande lapho kade becashe khona eSwatini.


Babuye nbgendiza yakuleli yabehlisa eKing Shaka International Airport nokuyilapho ethathwe yimoto yamaphoyisa abehlome ezingovolo.


Lezi zelamani zisolwa ngamacala abucayi enzeke eThekwini emgwaqeni uFlorida ovame ukugcwala omacaphunakusale.