EzokokungcebelekaIzindaba

Idivosi iveze ukuthi u-Akon ‘ufihle’ imali kunina

UGQEMEKE olungeqiwa ntwala unkosikazi womculi u-Akon ngemuva kokufaka isehlukaniso somshado.


Ngokombiko weHello! uTomeka Thiam no-Akon besebeshade iminyaka ewu-29 bezihlanganisa ewu-30 kuleli sonto.


Encwadini yesehlukaniso uTomeka ufune ukuhlomula $116 million njengoba ebenolwazi lokuthi u-Akon ungusozigidigidi.


UTomeka ushaqeke koma nasozwaneni uma kuvela ukuthi empeleni u-Akon uno-$10,000 ebhange qwaba.


Kunezinsolo eziqinile zokuthi u-Akon ubhale wonke umcebo wakhe ngonina.


Lo wesifazane ukhalile wathi ubeneqhaza elikhulu empumelelweni nodumo luka-Akon futhi uyazi ucebi ngakho kufanele athole ingxenye enkulu yale ngcebo.


U-Akon ungumnqobi wezindondo zamaGrammy kanti useke wabhala izingoma ezidumile waphinda wacula nezihlabani okubalwa kuzona abangasekho uMichael Jackson noWhitney Houston.