Izindaba

Kusolwa amankwebevu kumshayeli odale ingozi

UPHETHE kabi umjaho wezimoto wokuncintisana emgwaqeni ongekho emthethweni eHowick eMidlands KwaZulu-Natal.


Uphele ngokuthi omunye wabashayeli ahlulekelwe ukulawula imoto yagcina ishayisa uthango lwesibhedlela saseMngeni.

Kulapho ishayise khona imoto yomsebenzi sasesibhedlela ebipakiwe njengoba ebematasa esebenza ebusuku.

Ngokombiko, kuthe uma kufika amaphoyisa athola ukuthi umshayeli ubedakiwe.


Amaphoyisa awalisanga maseko, ambopha kanti kubhekwe ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko.