Siphinde saphunyuka isiboshwa esifunelwa amacala abucayi
KUFE umlisa ngesikhathi amadoda okukholakala ukuthi ayingxenye yeziboshwa ezeqe esitokisini eedubulana namaphoyisa eCosmo City eGauteng.
Kulawo madoda kukhona kubalwa noJabulani Moyo ongowokudabuka eZimbabwe ofunwa ngecala nawokubulala amaphoyisa amabili eRoodepoort ngo-August kulo nyaka
.
UMoyo namuhla ubephakathi kwabasolwa ababehlela ukuphanga amabhizinisi eHoneydew naseFairlands eGauteng.
Ngesikhathi amaphoyisa evalela abasolwa ekhoneni, kuqale impi yezibhamu lapho omunye wabasolwa esale enkundleni kwathi uMoyo nabanye babaleka.

