Umsindo ngo-R2 million ozokhokhwa ngozohlala eduze kukaShivambu
ISIQUBULE imibuzo indaba yomcimbi weqembu i-Afrika Mayibuye Movement yokukhokhisa u-R2 Million kofuna ukuhlala eduze komholi wayo.
IMayibuye esanda kwethulwa neholwa yilowo owayeyisekela likamengameli we-EFF uFloyd Shivambu ibhekene nokugxekwa mayelana nomcimbi wokuqoqa imali ongoNovember 28 e-Mhulu Boutique Hotel.
Uhla lwendlela yokuhlala kwezicukuthwane nemali ezizoyikhokha isuka phansi ku-R10,000 iyoshaya ku-R2 Million.
U-R2 million uzokhokhwa ngozohlala eduze kukaShivambu kuthi ozohlala eduze kwephini lakhe akhiphe u-R1,5 million.
Nakuba kukhona abagxeki kodwa kukhona abaveza ukuthi ngumkhuba ojwayelekile lona njengoba amaqembu epolitiki kufanele abe nesikhwama esisuke sizokwazi ukunakekela iqembu.
UShivambu, owasungula i-EFF ngaphambi kokuhola isikhashana i-MK Party, uthe umkhankaso wakhe omusha ukhule ngokushesha ezinyangeni zayo zokuqala.

