Ezomnotho

I-ANC ichitha abangafundile okhethweni lohulumeni basekhaya

I-ANC imemezele ukuthi abantu abazongenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026 kumele babe neziqu zemfundo ephakeme.

Ikomidi lokhetho le-ANC likhiphe imigomo okumele amalungu ahlangabezane nayo ukungena khaxa ezihlalweni zemikhandlu kamasipala ezweni lonke.

Lesi sinyathelo sihlose ukuqinisekisa ukuthi uhlu lwabantu abazongenela ukhetho lwe-ANC lwakhiwe ngamakhansela afanelekayo, anolwazi, futhi anekhono.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko, usihlalo wekomidi lokhetho le-ANC, uKgalema Motlanthe, ugcizelele ukuthi iningi labantu abazongenela ukhetho kumele libe nolwazi oluhle ekubuseni.

Lesi sinqumo esenziwe wuKhongolose sizohlukanisa inhloko nesinxathi embuthweni okhethweni oluzayo kwabafundile nabangafundile.

Enkulumweni yakhe uMotlante uthe abazokhethwa kuzofanele baphinde babe nolwazi olufanele, kanti ukukhethwa kwabo kuzokwenzeka ngoFebruary 2026.