Izindaba

Simhlalise lubhojozi isikweletu umholi we-DA

UMHOLI we-DA uJohn Steenhuisen wehluleke wancama ukukhokha isikweletu sika-R150 000.

I-Daily Maverick iveze ukuthi nakuba uSteenhuisen ehola imali engaphezu kuka-R2.66 million ngonyaka kodwa simehlule isikweletu sekhadi lesikweletu.

Ukwehlulwa yilesi sikweletu kudale ukuthi ibhange lekhadi alikweletayo limfake enkantolo.

Phezu kokwehlulwa yisikweletu, uSteenhuisen uhlala endlini yamahhala enezidingo okubalwa ugesi, amanzi nonke okukhokhwa ngabakhokhi bentela.

Umbiko uqhuba uthi i-DA ihoxise ikhadi lesikweletu likaSteenhuisen ngoba ukusetshenziswa kwemali ngaphansi kwegama lakhe.