Izindaba

Ubhekene nenqwaba yamacala oweNjoms Security

ZILOKHU zikhophoze njalo izinto kusomabhizinisi waseMgungundlovu wenkampani yonogada iNjoms Security osolwa ngamacala amabi obugebengu.

Lokhu kuhlale obala ngesikhathi kuphumelela isicelo sebheyili yakhe ecaleni abhekene nalo lokubulala uthisha uthisha uThabani Innocent Zondi owadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu esemotweni yakhe KwaPata ngo-2022.

Kuthe kuphumelela le bheyili wayethweswa elokushona kukasihlalo wamatekisi akwaPata, iKwaPata taxi Association uMduduzi Shezi noNonhlanhla Ndaba..

Khona manjalo kwathiwa twa okuthiwa wabulala izingane ezimbili u-Alwande Mkhize no-Aphiwe Mdunge.

UMhlongo uphinde wakhonjwa ngenjumbane ngenjongqondongqondo ekugqekezweni kwemizi yabantu nokubulala eMgungundlovu namaphethelo ngenhloso yokukhulisa amakhasimende.

Izinsolo ziveza ukuthi ubekwenza lokhu ebambisene nemiphundlaphundla yakhona eMgungundlovu

USeargent Bongani Molefe utshele inkantolo yaseMgungundlovu ukuthi uMhlongo ubethuma izigebengu ukuyogqekeza emzini yabantu maqede zilethe kuyena ezikwebile kube sengathi zibanjwe nguye,

Ngemuva kwalokhu uzobe esevakashela abagqekezelwe eyozwelana nabo abacele ukuba basayine amaphepha okuvikelwa yinkampani yakhe ukuze baphephe.