UGigaba uthweswe amacala enkohlakalo
WETHWESWE amacala enkohlakalo owayenguNgqongqoshe weZamabhizinisi kahulumeni kuleli.
UDkt Malusi Gigaba uvele enkantolo yeMantshi ePalm Ridge nokuyilapho ethweswe ngokusemthethweni amacala enkohlakalo athinta inkampani iTransnet.
UGigaba, ilungu lePhalamende le-ANC, ubhekene namacala enkohlakalo ahlobene nezinkontileka ezintathu zeTransnet azisayine ngesikhathi sakhe njengoNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni.
Iziphathimandla ziphenya ngenkohlakalo enkulu esivumelwaneni sokuthengwa kwesitimela seTransnet SOC Ltd esibiza izigidigidi zamarandi.
Uphenyo lugxile ezinkontilekeni zokuthengwa kwempahla ezingajwayelekile ezanikezwa ngesikhathi sikaGigaba njengongqongqoshe phakathi kuka-2010 no-2014, okuhlanganisa nesivumelwano esiphikisanayo esilinganiselwa ku-R54 billion.
Ngemuva kokuvela enkantolo ngoLwesibili, okhulumela i-IDAC uHenry Mamothame utshele izintatheli ukuthi uGigaba ubhekene necala lenkohlakalo kanye nabaphathi abane bangaphambili beTransnet, uBrian Molefe, uSiyabonga Gama, u-Anoj Singh, noThamsanqa Jiyane.
“Ukuvela kukaDkt Gigaba enkantolo kuhlobene nesikhathi esiphakathi kukaNovember 2010 kuya kuMay 2014, lapho amacala asolwayo enziwa ngesikhathi ewungqongqoshe ,” kusho uMamothame.
Icala lihlehliselwe umhla zingama-30 kuJanuary 2026 ukuze kudalulwe idokodo nokudluliselwa kwecala enkantolo ephakeme.

