IMK Party ayidingeki emcimbini wokugcotshwa kwenkosi
IQEMBU loMkhonto WeSizwe seligxazwe yiNkosi yesizwe samaNyuswa kabi njengoba ibivivela ukuhambela umcimbi wokugcotshwa kwayo inkosi.
INkosi M.P. Ngcobo yaseMzinto eningizimu yeKwaZulu-Natal itshele i-MK Party ingalubhadi kulo mcimbi uma ihlose ukuzosebenzisa ukugcotshwa kwayo okusemthethweni yiNkosi uMisuzulu KaZwelithini njengomkhankaso wezepolitiki.
Lokhu kuza ngemuva kokuba iqembu limemezele “ukuvakasha okukhethekile” ngaphambi kosuku olukhulu.
Incwadi ebhalwe yiNkosi iqondiswe kwiNkosi uChiliza oyilungu lokuqina leMK Party, ithi : “Mina, iNkosi M.P. Ngcobo, ngaziswe ukuthi iqembu iMK (Party) lifisa ukuvakashela ekhaya lami.Â
“Isikhangisi (seMK) sibonisa ukuthi amalungu eMK azohlangana eKenterton bese evakashela ekhaya lami,” kusho incwadi.
Iqhuba ithi ngenkulu inhlonipho, iNkosi uNgcobo icela iMK Party ingalubhadi uma ukuvakasha okukhethekile kuzoba kungokweqembu lepolitiki.

