Izindaba

I-USA isola uRamaphosa ngokuqamba amanga

ISIGADLE kwezwakala i-United States of America (USA) kumengameli wakuleli imsola ngokusenga ezimithiyo.

I-USA ikusho lokhu mayelana nodaba olusematheni lwe-G20 Summit eqala kule mpelasonto nesiveze amavenge angqamile ekungashayisani kwalamazwe.


Okhulumela iWhite House eWashington DC uKaroline Leavitt ekhuluma kwiCNN, uthe kungamampunge ukuthi kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kweNingizimu Afrika ne-USA.


“Ngimzwile umengameli waseNingizimu Afrika ekhuluma inkulumo ephikisana nezwe lethu. Asikuthandi neze lokhu akwenzayo, futhi nomengameli wethu nethimba alikuthandisisi lokhu akwenzile,” kusho uLeavitt.


Uthe inxusa labo elizoba khona lizobe lingeyona ingxenye ye-G20 njengoba beyidubile.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi umengameli uCyril Ramaphosa eveze ukuthi kunezinkulumo ezikhona phakathi kwalamazwe.