Owaduma kuma-Idols usolwa ngodlame kowayeyisoka
UKHALA ngokuthunyelwa imilayezo eyizinsongo yize elele esibhedlela obesothandweni obeluvutha amalangabi nomnqobi wama-Idols South Africa.
UNtando Mkhulise, owayeyisoka likaNoma Khumalo utshele iSunday World ukuthi lemilayezo imyalela ukuba asule amacala awavulele uNoma Khumalo.
Lokhu kulandela ukutshoda kothando lwabo nokugcine ngokungaboni ngaso linye.
Njengamanje uMkhulise u;lele esibhedlela kulandela ukudutshulwa emi phandle kubo.
Abasolwa bazivumela ukuthi babethunywe uNoma ukuba bamenzakalise.
Ngaphambi kwalokhu uMkhulise wasola uNoma ngokumgwaza esifubeni nasemlenzen waphinda washisa izingubo zakhe zokugqoka.
Umbiko uveza ukuthi ngoLwesibili, mhla ziyi-18 kuNovember uMkhulise wathola izwi eliqoshiwe limnxusa ukuba ahoxise amacala awavulele uNoma.
Kulesi siqeshana somsindo, umthumeli uxwayise ngokuthi ukulandela la macala kungafaka uMkhulise engozini enkulu.
“Uyise kaNoma ungummeli omkhulu eMgungundlovu. Uma ulwa nalokhu isikhathi eside, kulapho uzobonakala khona njengosongo. Futhi ekugcineni lokho kuzokubeka esimweni esibi kakhulu,” kusho izwi elimxwayisayo.
UMkhulise uvulele uNoma amacala amane obugebengu.
Lamacala ahlanganisa ukweba, ukuhlasela ngenhloso yokulimaza kanye nokulimaza impahla.
UMkhulise usedlulise izikhalazo zakhe emaphoyiseni esiFundazwe saKwaZulu-Natal, kwiKhomishini kaMantshi, kanye nakwiKomidi Lephothifoliyo Lamaphoyisa.

