Izindaba

UMaMkhize usolwa ngokwephula umgomo wesehlukaniso

OWAYENGUMYENI wempunyela kasomabhizinisi uShauwn Mkhize, umsola ngokwephula isinqumo sabo sesehlukaniso.

Umbiko we-IOL uthi uSbu Mpisane ukhala ngoMaMkhize uthi ufuna amnika ingxenye engu-50% wefa labo.

UMpisane ukhathazekile ngokuthi inani lefa, okuhlanganisa izimpahla nemali egcinwe kuma-akhawunti asebhange kaMaMkhize, liyehla ngoba lalithathwa yiSouth African Revenue Service (SARS).

Lokhu kungenxa yokwephulwa kwemithetho yentela okusolwa ukuthi uMaMkhize ngayo.
“UMaMkhize ubelokhu ezama kanzima ukungawuhloniphi umyalelo wenkantolo ngokungazinikeli ekuqedweni kwefa.

“Lokhu kubeka engcupheni ingxenye yefa likaMpisane njengoba i-SARS ithatha futhi ithengisa izimpahla ezazingezabo bobabili ngesikhathi besashadile,” kusho umlingani kaMpisane, onqabile ukudalulwa igama lakhe.

I-IOL ithi uMaMkhize akayiphendulanga emibuzo ethunyelwe kuye, kanti nommeli wakhe wenqabile ukuphendula imibuzo.

Kubikwe ukuthi ngesikhathi sokuhlasela kwe-SARS ezindaweni zikaMkhize eThekwini, eMgungundlovu, naseGoli, kwathathwa izimpahla ezibizayo ukuze kulungiswe intela engakhokhelwa ebiza cishe u-R40 million.

Iqembu likaMkhize lePremier Soccer League, iRoyal AM FC, nalo labanjwa futhi lathengiswa.

Kubikwe ukuthi uMaMkhize wakhipha u-R50 million ukuze athenge iBloemfontein Celtic, ayiqamba kabusha ngokuthi iRoyal AM.

Phakathi kwezimoto zikanokusho ezathathwa kuye kwakukhona iLamborghini, iRolls-Royce, iMercedes-Benz Maybach, iBMW X6, iMercedes-Benz-AMG G63, iToyota Hilux Legend 50, kanye neMercedes-Benz S-Class.

Kwabikwa nokuthi ama-akhawunti akhe asebhange ayevaliwe.

Umshado kaMpisane noMkhize waqala ngo-1991, kodwa ngesikhathi eseyiphoyisa likamasipala waseThekwini ehola R15,000.


Ethintwa uMpisane, uthe: “Angikwazi ukuphendula kukho, angizange ngifake isehlukaniso. Kunalokho, xhumana noMaMkhize, owafaka isehlukaniso.”