Izindaba

Ibhekene ngeziqu zamehlo emadodakazini kaJacob Zuma

ABHEKENE ngeziqu zamehlo amadodakazi alowo owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma njengoba enye isivule lokushushumbiswa kwabantu.


UBanganini Zuma-Mncube uvulele udadewabo uDuduzile Zuma -Sambudla amacala obugebengu ngoLwesihlanu eSandton Police Station.

Lama cala uwavulele udadewabo noSiphokazi Xuma noBlessing Khoza ebasola ngokukhohlisa amadoda awu-17  ukuba aye eRussia ngoJuly kulo nyaka.

Lama doda abhajwe empini ephakathi kweRussia ne-Ukraine nokuyilapho ayethenjiswa ukuthi ayoqeqeshwa ngethemba lokuthi bazothola imisebenzi yezokuphepha eqenjini uMkhonto WeSizwe Party.

Imibiko yakamuva iveza ukuthi lamadoda asendaweni okudlange kuyona impi eDonetsk. 

La madoda, iningi lawo lingamalungu eqembu le-MK asemasha avela KwaZulu-Natal, asayine izinkontileka ezingacacile futhi manje asovalweni imindeni icela usizo lukahulumeni ukuze ababuyise bephephile. 

UZuma-Mncube ucaphune ukushushumbiswa kwabantu, usizo lwezempi zakwamanye amazwe, kanye nemithetho yokukhwabanisa esikhalweni sakhe.