Kufunwa umalume ozame ukubulala umshana ngokumklinya
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal asehlabe umkhosi ecela usizo emphakathini ukuthi ukuthola umalume ozame ukubulala umshana ngokumklinya nokumgwaza.
USduduzo Mavundla (29) ufunwa ngezinsolo zozama ukubulala umshana wakhe oneminyaka engu-9 okuthiwa wamklinya, wamgwaza ebusweni wamshiya ecabanga ukuthi ufile endaweni yasePhola eChesterville ngoJanuary 4, 2024.
Ngokombiko wamaphoyisa umshana wayevakashele umkhulu wakhe lapho kubikwa ukuthi umalume wakhe uSduduzo wamnxenxa ukuba aye ehlathini emlutha ngokuthi uzomthengela oncamnce.
Ngesikhathi befika ehlathini, kubikwa ukuthi uSduduzo watshela isisulu ukuthi uzositshengisa ukuthi uyise unjani njengoba uyise wesisulu wayengamhloniphi uyise (kaSduduzo).
Umbiko uveza ukuthi uSduduzo waqala waklinya umfana wamgwaza izikhathi eziningana ebusweni, wamshiya ethi ushonile.
Ngemva kweskhathi umfana wavuka wakhasa waze wafinyelela emgwaqeni.Â
Wathola usizo kubantu ababedlula bamyisa esibhedlela.Â
Ngaleso sikhathi umsolwa wayesetshele unina wesisulu ukuthi silahlekile, wathi akuvulwe icala lokuthi umfana ulahlekile.
Ngemva kophenyo, uSduduzo waboshwa kodwa ngandlela thile wakhululwa ngebheyili futhi akakaze avele phambi kwezinkantolo. Iwaranti yakhe yokuboshwa yanikezwa ngoSepthemba 2024.

