Izindaba

Lihlehlile icala lomculi obhekene nelokuzama ukubulala

KUPHINDE kwahlehla ukulalelwa kwesicelo sebheyili yomculi weLikompo uShebeshxt.


Lo mculi ogama lakhe langempela uLehlogonolo Katlego Chauke, ubhekene namacala okuzama ukubulala, elesibhamu esingekho emthethweni nelokulimaza impahla.

Namuhla ubevele enkantolo yeMantshu ePolokwane nokuyilapho icala lihlehlele uLwesine umhlaka-27 November kulo nyaka.

La macala enzeke ngo-October 19 eLadanna ePolokwane.


Kuthiwa wahlasela umshayeli wemoto wamdubula amahlandla amaninganga ebhekise kwisisulu.

Inkantolo iqinisekisile ukuthi leli cala lingaphansi kweSchedule 6. 

Ukulalelwa kwebheyili kuhlehliswe ukuze ummangalelwa kanye nommeli wakhe bathole isikhathi sokubonisana ngamacala amasha ayisithupha alethwe enkantolo.