Izindaba

Bacasulwe wukuvalwa kwendawo yabaqwayizi edumile

KUME nse ukusebenza endaweni ehweba ngocansi udede edumile ebizwa i-Ipi Ntombi edolobheni iTshwane.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi iMeya uDkt Nasiphi Moya yaseTshwane igasela kule ndawo nabomthetho bazoyivala thanqa.

le ndawo iphethwe ngababokudabuka eChina kanti inamakamelo angaphezulu kuka-41 agcwele nswi abaqwayizi besilisa nabesifazane.

Kwi video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, uMeya Moya ubonakala efunda iphepha elinamekwe odongeni elinentengo nemikhuba eyenziwa ngaphakathi.

Le ndawo ikhokhisa imali esuka ku-R1000 kubaqwayizi ukuze basebenze njalo ngesonto.

Kuthiwa la maChina aqoqa le mali yamakamelo angu-41.

Ngesikhathi kuhlola isimo kule ndawo yabaqwayizi,, kutholwe isamba semali engadaluliwe.

“Siyivalile i-Iphi Ntombi – indawo yokucima ukoma edumile nendawo yokudayisa enkabeni yedolobha iTshwane ephethwe abantu baseChina.

Lesi sikhungo kudala sephula imithetho yethu. Namuhla, sinqume ukuqinisa isandla siqinisekise ukuthi abanikazi nendawo bahambisana nomthetho,” kusho uDkt Moya,