Usule isigubhukane ephalamende uZuma-Sambudla
UDuduzile Zuma-Sambudla usesulile esikhundleni sokuba yilungu lePhalamende.
Lezi zindaba ezishaqisayo zivele kwisithangamu sabezindaba soMkhonto weSizwe Party eThekwini namuhla ngoLwesihlanu.
UZuma-Sambudla ubhekene nezinsolo ezimbi zokushushumbisa abantu besuka kwaZUlu-natal beya koqeqeshwa empini eRussia ebhekene ne-Ukraine.
Icala livulwe udadewabo omdala uNkosazana Zuma Ncube.
Njengamanje ubhekene necala eNkantolo Ephakeme yaseThekwini mayelana nodlame lwangoJuly 2021.
Amacala akhe ahlanganisa ubuphekula kanye nokugqugquzela udlame.
Iqembu le-MK Party liziqhelelanisile nodaba lwabayiswe eRussia.
Nakuba uDuduzile esulile ephalamende akukacaci noma usalokhu eyilungu le-MK Party.

