Izindaba

Kuzingelwa ababulale amaphoyisa ngesihluku

BAGCWELE amathafa basolwa ngokudubula amaphoyisa amabili abesemsebenzini e-Ivory Park eGauteng.

Umbiko wamaphoyisa uveza ukuthi lamaphoyisa adutshuliwe atshalwe esiteshini samaphoyisa sakhona e-Ivory Park ngoLwesihlanu ebusuku.


Abejutshwe ukuqhuba umsebenzi wokuvimba ubugebengu e-extensio 9 ngesikhathi bedutshulwa abasolwa abangaziwa.

Abasolwa babaleke nezibhamu ezimbili zamaphoyida namaselula amabili.

UKhomishana Kazwelonke we-SAPS, uGeneral Fannie Masemola uyalele uKhomishana Wesifundazwe saseGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni ukuthi aqinisekise ukuthi kuqoqwa izinsizakusebenza kuzingelwe abasolwa.

Kucela ongaba nolwazi ngalesi sigameko noma ukuthi laba basolwa bakuphi ukuthi ashayele ku-08600 10111 noma kumphathi wesiteshi sase-Ivory Park uBrigadier Ngcobo ku-076 411 2314.

Ngaphandle kwalokho, sebenzisa i-MySAPS App ukuze ushiye iseluleko.