Limlahlile icala olale isalukwazi esiwumakhelwane
IZOBHADLA ejele impilo yayo yonke indoda yaseMondlo eyabhala incwadi yaphinda yisayina ngemuva kokudlwengula isalukazi.
INkantolo Yesifunda saseNquthu igwebe le ndoda (40) yagasela endlini yesalukazi (61) ngesikhathi sisemasimini sihlakula.
Kuthe isalukwazi sibuyela emzini waso sazithela kule ndoda, eyavele yahosha isiheshe sommese yasonga ukusibulala.
Umbiko wenkantolo uveza ukuthi le ndoda yabe isiyayela ngesankahlu isalukwazi ukuba sikhiye isicabha maqede sasingenisa ekamelweni lokulala lapho yasidlwengula khona isikhathi eside.
Isisulu, sambona lo mlisa samfanisa nomuntu wakhona endaweni kodwa sathula du ngenxa yovalo lokubulawa njengoba le ndoda yayisongile.
Esehambile umlisa, kubuye indodakazi ekhaya isalukwazi sabe sesiyibikela.
Indodakazi yavele yaqonda ngqo kumfowabo kamsolwa owabe esefika nomsolwa uqobo bezozama ukuze kuxazululwe udaba.
Umsolwa wabhala incwadi wayisayina exolisa ngesenzo sakhe kodwa isisulu sabe sesithatha udaba silubika emaphoyiseni kwaba ukuboshwa kwakhe.

