URamaphosa uzokwethula inkulumo ebhekiswe esizweni
UMENGAMELI wezwe uCyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo eqavile go-7 ebusuku njengoba elakuleli kade lisingethe iNgqungquthela Yabaholi be-G20 okokuqala ngqa lapha e-Afrika.
Le ngqophamlando ithathe izinsuku ezimbili kusukela ngoNovember 22 kuya ku-23 eJohannesburg Expo Centre.
Nakuba uRamaphosa ebize le ngqungquthela njengempumelelo kodwa ukugalubhadi kukamegameli wase-USA uDonald Trump obekufanele athathe izintambo ngokusemthethweni kudale umsindo.
Ukungabi khona kule ngqungquthela kwe-USA jengoba yaduba, akuphazamisanga izinhlelo njengoba amanye amazwe abekhona futhi ekhombise ukuyithakasela.
Kwinkulumo elidelekile kaRamaphosa, kulideleke ukuthi akhulume nangezinsongo ezenziwa uTrump ngokuya kwingqungquthela yangoyaka ozayo kwaleli lizwe.
Ngaphezu kwalokho, ngonyaka ozayo iBafana Bafana kufanele iyomela leli lizwe kwiNdebe YoMhlaba e-USA kanti ukuba manzonzo kobudlelwane balamzwe benza ikusasa lingacaci kahle

