EzokokungcebelekaUmgosi

Injabulo abegazi beqala izinhlelo zethelevishini ngesikhathi esisodwa

KUZOHLUKANA umndeni phakathi nendawo namuhla ngo-8 ebusuku ngenxa yethelevishini.


Lokhu kungenxa yokuthi osaziwato uMusa Mseleku nomndeni wakhe basakaza isiqephu sokuqala sohlelo Uthando Nesthembu: Uncut ngesikhathi esifanayo nomzala wabo umlingisi uMondli Thusi ongene kwiGenerations: The Legacy.


Uthando neSthembu: Uncut idlala kuMzansi Magic kuthi iGenerations: The Legacy idlale ku-SABC1 ngo-8 ebusuku.


Lezi zindaba zijabulise kakhulu lomndeni njengoba kuyinto engajwayelekile ukwenzeka ukuthi abegazi babange isikhathi nokuqala kwezinhlelo zabo kuthelevishini.

UMseleku uthe kuyamjabulisa kakhulu lokhu okwezekayo kanti kusho lukhulu emndenini wabo.


” Sijabule kakhulu ukuqala isiqephu esisha sohlelo Uthando Nesthembu: Uncut nangokuqala ukuvela kukaMondli kwi-Generations: The Legacy,” kusho uMseleku.


Echaza ngohlelo lwabo lomndeni uthe kuzoba yiziqephu eziyisithupha ezizokwendlalela ukuqala kwesizini entsha yesi-9 ngonyaka ozayo. 


Okuzobonwa kuzoba yizinsalela ezisale kuhluzwa phambilini kati kuzoveza olunye ulwazi oluzoshiya ababukeli bebambe ongezansi.


UMondli uzobe evela okokuqala ngqa kwiGenerations: The Legacy edlala indawo yephoyisa elingabhedelwa u-Isaac ozophenya ngezehlakalo ezibucayi.


Nakuba ezobe eqala ukuvela kulo mdlalo, kodwa uyaziwa njengoba ejwayele ukubonakala ohlelweni Uthando Nethembu nasohlelwei Izingane Zesithembu.

Ngaphandle kwalokhu, uMondli uzakhele igama edlala emidlalweni efana neSmokes & Mirrors, Isibaya, Scandal neminye eminingi.