Kuvuleke amazulu Amaqhawe ebonga unyaka kuMdali
IQALE ngempumelelo inkonzo inkonzo yokubonga unyaka ebandleni elikukhukazi eNqabeni Ministries Amaqhawe eDoornfontein eGauteng.
Njengoba unyaka ususondele ekupheleni, leli bandla lenze inkonzo enkulu eqale namuhla ngoMgqibelo neyoze iphele kusasa ngeSonto iholwa kumsunguli walo ibandla uMphrofethi uDr Xaba.
Le nkonzo ithathwa njengebalulekile kakhulu njengoba ibheka nokuthi unyaka wonke ube nezivuvaba kubantu abehlukene.
Ngokusho kukaMphrofethi uXaba le nkonzo yokuvala unyaka isineminyaka ewu-8 yaqalwa.
Kule nkonzo amakholwa azofinya ngendololwane njengoba kuhlatshwe izinkomo ezimbili kanti nokudla kuyinsada ukuthokozisa amakholwa nabavakashele inkonzo.
Ngaphandle kwalokho, inkonzo yokubonga ayizogcina ngokubonga lo nyaka kodwa izophinda inxuse uMdali ukuba abusise amakholwa nezwe lonkana kwande izibusiso.
Kulotshwe amakholwa elokhu etheleke njalo enkonzweni ukuzodumisa uNkulunkulu.

