EzokokungcebelekaIzindaba

Akucaci ngebheyili kaShebeshxt

INKANTOLO yasePolokwane kulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo mayelana nesicelo sebheyili somculi uShebeshxt ngoLwesithathu.


Lo mculi obhekene nenqwaba yamacala ubhekene nacala okubalwa kuwona ukuzama ukubulala, ukudubula namanye.


Lo mculi weLikompo futhi odabuka eLimpopo, usanda kugonyuluka emaphoyiseni ngokuthi uyisigqila sesidakamizwa i-tik nesithathwa njengesinye esinamandla.


Uboshwa nje amaphoyisa ayesekhiphe incwadi yokuboshwa kwakhe kodwa wazinikela ephethe ibhodlela lotshwala esandleni.


Ukuboshwa kwakhe kukhalise iningi labalandeli bakhe njengoba ebebhukwe ukuzonandisa emicimbini eminingi.