Umasipala weTheku ulahlwe yicala lendle
INkantolo Ephakeme yaseMgungundlovu isiphoqe umasipala waseThekwini ukuthi uthathe izinyathelo ezifanele zokunqanda ukuchitheka kwendle emifuleni nasolwandle.
Ngokwenkantolo indle yiyo elimazayo nengcolisa imifula, amabhishi izindawo zokuhlala kanye nezamabhizinisi kusukela ngo-April 2022 ngaphandle kokunakwa.
Lo masipala uphethwe ngokubambisana yi-ANC-EFF-NFP-IFP.
Lolu daba lwasukunyelwa lwaphinda lwafakwa enkantolo yi-ActionSA ne-DA kulandela ukukhathazeka ngenxa yendle.
Namuhla inkantolo iyalele iTheku ukuthi lishicilele njalo ngesonto imiphumela yokufundwa kwe-E.coli kuwo wonke amabhishi omphakathi kwi-website kamasipala, ezinkundleni zokuxhumana kanye nakuwo wonke amabhodi ezaziso emabhishi omphakathi.
Ngaphezu kwalokho, umasipala kufanele usebenzise ngokushesha uhlelo lokusebenza lokwenza ukulungiswa nokugcinwa kwengqalasizinda yendle futhi ubike enkantolo njalo ngenqubekela phambili eyenziwe.

