Uvalo umpetha wesibhakela ebandakanyeka engozini yemoto
USINDE engozini ehlasimulisa umzimba umpetha wesibhakela u-Anthony Joshua.
U-Anthony Joshua ozalwa eBritain kodwa ozimpande zakhe ziseNigeria, usinde engozini yemoto edlule nabantu ababili namuhla emini.
Ngokombiko wephephandaba iPunch, uJoshua ubesemotweni emgwaqeni e-Ogun State ngesikhathi iLexus abeyigibele ishayise iloli.
Kushone umshayeli nowesifazane obengumgibeli kule ngozi.
Le ngozi yenzeka nje kusaphele izinsuku eziyishumi vo enqobe impi lapho eshaye ngomlahlaphansi uJake Paul othathwa njengebhoklolo.
Ezinkundleni zokushumana, kusabalele ama-video ale ngozi nenqwaba yamalungu omphakathi emtakula emotweni.

