EzokokungcebelekaIzindabaUmgosi

Balifuna liphumile ibhoklolo elikwiBig Brother Mzansi

ISISUSE umsindo udaba lokuhlulelwa nokugconwa kowesifazane waseNanda ohlelweni lodumo iBig Brother Mzansi Bazozwa kuchannel 198.


U-Ilano (22) ongowesifazane owaveza kulolu hlelo ukuthi washintsha ubulili, uhlanjalazwe ngozakwabo ngempilo ayiphilayo.


Lesi senzo senziwe uThandeka Tshabalala nomngani wakhe uRamona ngezikhathi ezahlukene.


Lesi senzo sesidine abaningi abangaphansi kweLGBTQ+ nabanye abangahambisani nalesi senzo.


Lokhu sekwenze kwasungulwa uhla lwezikhalo abafisa laba ababili ababonakala bengamabhoklolo, mabakhishwe kulolu hlelo.


Emahoreni amahlanu lusunguliwe uhla lwezikhalo lukwaze ukuthi luysayinwe ngabantu abangaphezulu kuka-5,000 kanti kubukeka banda.


Kuzokhumbuleka ukuthi uThandeka useke wasolwa  kaningi wozakwabo ngobubhoklolo kusukela uhlelo lwaqala ukusakazwa ngoJanuary 11 nonyaka.

Phakathi kwezinto azenzayo uThandeka, wukubukela phansi abanye ozakwabo ngoba nakhu ethi usehlale e-Italy iminyaka ewu-8.

Uyathanda ukuthethisa ozakwabo, ukubabeka amabala ngokugqoka, ingemfundo, imali, nokuthanda ukubabiza ngeziphukuphuku.

Kwale noma uBig Brother emjezisa uqhubekile ngokukhuluma isiNtaliyane, ukwedelela imilayelo kaBig Brother nokunye kodwa wangakhombisa ukuzisola.