EzokokungcebelekaIzindaba

Isililo kushona owaduma ngombango wengoma yonyaka kuKhozi FM

USETHOLAKALE eseshonile owayengumsakazi wezemidlalo kwa-SABC, u-Owen Ndlovu (osesithombeni).

Umbiko wamaphoyisa kanye nomdenni wakwaNdlovu baqinisekise lezi zindaba ngemuva kokutholakala kwesidumbu sakhe eThokoza.

Phambilini bekuvele ukuthi uNdlovu ubekade ephucwe imoto wabe esethunjwa eKatlehong, e-Ekurhuleni, izolo ebusuku ngenkathi eyolanda unkosikazi wakhe esontweni.

Ngokombiko, abasolwa ngokuthumba uNdlovu, bebehlome bezingovolo ngezinhlokohlela zezibhamu.

UNdlovu ube sematheni kakhulu ngodaba lombango wengoma yonyaka yoKhozi nokuyito edonse iminyaka.

Ngaphandle kwalokhu, kamuva nje ubesekhaleni lempi yokuxhashazwa kwamaciko kuleli yizinkampani okufanele engabe ziyawavikela.