Izindaba

Kuboshwe izikhulu zikamasipala ngezinsolo zokugwazisa

SEKUQINISEKISWE izindaba zokuthi ithimba lamaphoyisa ophiko lwePolitical Killings Task Team (PKTT) selibophe iMeya, iMenenja kaMasipala kanye noMphathi Omkhulu Wezezimali (CFO) kumasipala othile e-Western Cape.

Okhulumela amaphoyisa kazwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uqinisekisile ukuthi ukuboshwa kwalezi zikhulu zikamasipala kumayelana nophenyo ngezinsolo zenkohlakalo ezihlobene nethenda yezinsiza zokuphepha komunye umasipala ogwini oluseningizimu ne-Western Cape.


Lokhu kuboshwa kulandela ukutholwa kolwazi ngamaphoyisa mayelana nezinsolo zokuthi usomabhizinisi owayethole inkontileka yezokuphepha wayecelwa imali yokugwazisa ukuze kuqhubeke inkontileka yakhe.


Kusolwa ukuthi lo somabhizinisi wayesekhokhe itshe lemali ngenxa yokwesaba ukuthi inkontileka yakhe yezinsiza zokuphepha izonqanyulwa.


Bobathathu abasolwa babhekene namacala enkohlakalo futhi kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoMsombuluko ozayo.