Ezomhlaba

UTraoré uthi abakhohlwe yintando yeningi

INTANDOKAZI kaMengameli wezwe iBurkina Faso usetshele izakhamizi zezwe alengamele ukuba zikhohlwe yintando yeningi.

Ibrahim Traoré usho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwisiteshi sethelevishini nokuyilapho ethe umphakathi wakuleli zwe awukhohlwe wukubuswa ngentando yeningi.

Lo mholi osemncane nosezakhele ugazi emhlabeni uqhube wathi iBurkina Faso ayiyifanele futhi ingaba yingozi uma iphoqelelwa.

Ekhuluma kuthelevishini sikahulumeni, uTraoré uthe leli lizwe lisabeke phambili ukwakha kabusha umbuso.

Lo mholi oneminyaka engu-36 ubudala, owathatha izintambo ngokuvukela umbuso ngo-2022, usehlehlise ukhetho ngokuphindaphindiwe nosekwenze kweluleka isikhathi asesibusile.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli zwe like labuswa yiFrance iminyaka eminingi licindezelwe.

Ukuxosha kwalo abacidezeli kulenzele izitha ikakhulukazi emazweni ase-Europe ne-USA alawo angamadlela ndawonye awo ngenxa yombango wezimbiwa phansi.