Amahlebezi ngokushona kukaNetanyahu
AYA ngokuqonga amahlebezi okuthi undunankulu wakwa-Israel akasekho emhlabeni.
Lamahlebezi asesatshalaliswe nangosozindaba abaqavile emhlabeni okuthi kungenzeka ukuba ukuthi uBenjamin Netanyahu usefile, aqale ngesonto elidlule.
Lokhu kungenxa yezigameko zakamuva ezenza abasola lokhu bagcine bebona ukuthi amahlebezi okuthi akasekho emhlabeni noma ungomunye wabali,ale kanzima ngesikhathi umuzi wakhe uhlaselwa ngebhomu.
Lezi zinsolo ziphinde zaqoga ngemuva kokuba ikhasi elimele ihhovisi lakhe undun ankulu wakwa-Israellikhipha isitatimende labuya lasicisha.
Lesi sitatimende besifakwe ku-X besithi : “amahlabezi asabalele ngesimo sempilo kaetanyahu awakaqinisekiswa”.
Kuthe kusabatshazwa lokhu lesi sitatimende sacishwa ku-X.
Ngemuva kwezinsuku khona ku-X ekhasini likaNetanyahu, kunamekwe ivideo lapho ebekhuluma ngona ngezithinta impi eqhubekayo phakathi kwezwe lakhe libambisene ne-USA njengoba behlasela i-Iran.
Le-video igcine ihlaziywa ngabantu kanye nawu-Grox ukuthi yenziwe bnge-Artificial Intelligence. Lokhu kuhlale obala ngesikhathi umfanekiso kaNetanyahu uba neminwe eyisithupha kannti namazinyo ebuya anyamalale.
Kuphinde kwafakwa enye futhi ivideo lapho kuvela uNetanyahu egcizelela ukuthi ” Uyaphila”. Nakuyona kuvele ukuthi idala eka-2024 futhi iphinde yadokotelwa yathakwa nge-AI ukuze kube sengathi eyamanje.
Lezi zinsolo zilandela ukuthi thunyelwa kwemicibisholo yamabhomu elakanyana evela e-Iran nokuyiyona ethi infuna efile.
