Ukhuza ibuya emculweni uDJ Cndo
INDLOVUKAZI ka-DJ oklwebha amapuleti u-DJ Cndo isiveze ukuthi izokhuza ibuya emculweni ngeshodi njengoba ipheka i-albhamu epike kuyo amaciko esifazane angakubo eMandeni.
Lo DJ oseyibambe ishisa kule ndima iminyaka engaphezulu kuka 20 uveze lokhu ngaphambi kokushukumisa inkundla kwiSmirnoff 1818’s Makoya Imbizo ebise Berea Rovers eThekwini ngoMgqibelo.
Le ntokazi egama layo langempela nguSindisiwe Zungu ithe sekukaningi inxenxwa abantu beyibuza ukuthi izoyidedela nini i-albhamu.
“Akukhona ukuthi angisathandi ukucula ukuthi kunezinto zangasese ebengisazilungisa. Kodwa manje ngingakuqinisekisa ukuthi ngisanda kube nengxoxo no-DJ Tira ngokuthi kumele ngibuyele studio.
” Kukhona engiphezu kwakho namaciko angasekhaya esifazane anekhono eliyisimanga lokucula. Abantu bengalindela ulozolo njengoba umculo wethu uzobe uqukethe isigqi u-Cndo adume ngaso.
” Ngibone kuwumqondo omuhle ngisebenzisane nalezi zintokazi ngoba vele ngiwumuntu othandayo ukufukula ithalente,” kusho uCndo.
Ubonge ukwesekwa umndeni wakhe athe wagxisha kuyo esemncane ukumesaba uNkulunkulu no-DJ Tira no-DJ Sox ngokuhlale bemeseka.
Ngaphandle komculo le ntokazi igabe ngeziqu zezifundo zeNature Conservation and the Bachelor of Science in Environmental Health.
Uke waba nendawo yokucwala izinwele eThekwini evalwe ngenxa yokuhlasela kwe Covid 19.
U-DJ Cndo ubuye aziwe nge First Lady yase-Afrotainment kwazise waba u-DJ wesifazane wokuqala owasayinwa ilesi sitebela sika-DJ Tira.

