Uthunywe uphuthu obehlalise lubhojozi umphakathi eHammarsdale
UMLISA obesebaqedile ngenhlamvu abantu baseMpumalanga Township eHammarsdale naye udutshulwe wafa.
Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi umsolwa ubefunwa ngamacala okubulala udutshulwe washona ngesikhathi edubulana namaphoyisa eLuganda eMariannhill ekuseni ngoLwesithathu.
Kuthiwa lamacala enzeka eMpumalanga Township  ngoDecember 2021 nangoJune 2026.
Amaphoyisa athole ulwazi mayelana nokuthi umsolwa ubhace kuphi.
Kuthe amaphoyisa uma efika lapho ebecashe khona eLuganda kwanokudublana phakathi komsolwa namaphoyisa.
Umsolwa udutshulwe washona. Ohlangothini lwamaphoyisa akukho nelilodwa elidubulekile.

