Ibhekene ngeziqu zamehlo kumculi noDJ ababanga imali
LISOBISHINI ilungu leqembu lesicathamiya laseMnambithi iLadysmith Black Mambazo, elisolwa ngogweva nemali ka-DJ waseThekwini.
Umbiko wephephandaba i-OneNews udalule ukuthi u-DJ Verge, oyisikhulu seFellaz Groove Entertainment, usola uMfanafuthi “Mangane” Dlamini ngokumgila.
Kuthiwa uDJ Verge udalule ukuthi uDlaminni ukhale wemuka nemali nemali abayenze bobabili ngemuva kokusebenza ndawonye ohlelweni lokuqeqesha o-DJ.
Kulo msebenzi, bebeqeqesha abafuna ukuba ngo-DJ nonjiniyela.
Kuthiwa ulethe imali eshisiwe negcine isidala umsindo phakathi kwalaba bobabili.
Ngokusho kukaDJ Verge, uDlamini umtshele ukuthi bathole u-R210 000 nokuyimali abebezoyihlukaniselana. Kodwa uDJ Verge uthi akakaze ayibone ngqo yonke imali yakhe kanti manje ufuna u-R20 000 akholelwa ukuthi usawukweleta.
UVerge uthi waze waya kubo kaDlamini eyofuna imali yakhe kodwa uthi uDlamini wambalekela waphinda wamvala ocingweni lwakhe.
“Ngasebenza kanzima ukumsiza engenalutho,” kubhoka uVerge.
Lolu daba selufakwe ePinetown Small Claims Court, kanti uDlamini kulindeleke avele ngomhlaka-9 May ayoziphendulela.
YIze kunjalo uDlamini uthi uDJ Verge unenkinga yokuba “nomhobholo”.
Uqhube wathi wamkhokhela u-R70 000.
“Yimina owafika nomsebenzi,” kusho uDlamini.
Uqhube wathi “Izohlangana enkantolo, uzama ukumosha igama lami neqembu.”
