Uyadlondlobala emculweni owayeka esefunda e-DUT
UYADLONDLOBALA emculweni owayeka isikole esefunda eDurban University of Technology.
USphesihle Ngangalaza (29) owaziwa ngoChefBeatz Za emculweni uthi akazisoli ngokushiya eDUT alandele iphupho lakhe lomculo. Ingoma yakhe entsha i-Akfani NaB4 ithela izithelo
Lo mculi osezakhele igama kwiHip hop udabuka eLusikisiki, Eastern Cape, kanti umculo uwuqale ngo-2013.
Ingoma yakhe entsha iyona esimbeke ebalazweni njengoba aziwa ngokucula kamnandi.
Ngesikhathi eshiya eDUT ngo-2016, uChefBeatz Za usungule yakhe iProKc, lapho eqale khona ukuhlanganisa umculo wakhe.
Ezinye izingoma zakhe kukhona iJetski neVala Sambe nokuyizona ezidlalwa kakhulu emisakazweni eyahlukene okukhona kuyona Ukhozi FM, Inanda FM kanti kwifilimu iNamba Namba zasetshenziswa kuyona.
Ngo-2022, uChefBeatz Za uhlangane ne-Eplazini Inc, bakhipha ingoma esihloko esithi Emafini ethandwe kakhulu abathandi bomculo.
Ngo-2023, uqhubekile nomgqigqo lapho ayesemqhudelwaneni iBack To The City lapho kwakuwinwa khona uR10.000 ngokuncintisana kuwona.
Ngo-2024 ukhiphe imixtape iPlatan edlalwe kakhulu ezinkundleni zomculo zakwi-Internet.
Lokho kwamenza waqapheleka emculweni weHip hop.

