Izindaba

Inkantolo ibafihle ubuso abesifazane babhekene nelokubulala

Inkantolo kaMantshi eBoksburg inqume ukuthi kuvunyelwe kuphela ukuqoshwa komsindo ecaleni elisematheni lokubulawa ngesihluku kowesifazane eVilla Liza ngaseDawn Park eGoli.


Lesi sinqumo senkantolo sivele ngesikhathi abasolwa ababili besifazane uFortunate Masilela noTsakane Nester Msithini bevele ngezinsolo zokubulala uJabulile Ntimba namuhla.

Kuleli imantshi iphinde yanquma ukuthi ukuvezwa kobuso babasolwa akuvumelekile kodwa abathwebulayo bangaveza ingemuva labo kuphela.


Laba bobabili babhekene namacala okubulala ngenhloso kanye nelokuvimbela ubulungiswa, mayelana nokubulawa kukaNtimba.


Ngokombiko wamaphoyisa osavele uNtimba wabulawa ngenxa yodaba othinta umjolo.

Laba basolwa bazobuyela enkantolo ngo-October 1 ukuzofaka isicelo sebheyili.

Njengamanje bazogqunywa ngaphakathi besalinde usuku lokubuyela enkantolo.


Umsolwa wesithathu nokungowesilisa ubengekho enkantolo njengoba kungekho bufakazi obumhlanganisa necala okwamanje.


UNtimba ngowesifazane wesishiyagalolunye kwababesifazane abatholakale sebeshonile ezinsukwini ezidlule eGoli.