Izindaba

Inzukayikeyi kosolwa ecaleni likaDJ Warras

UVELE phambi kwenkantolo umsolwa wesibili ecaleni lokubulawa ngesihluku kukamsakazi uDJ Warras.

U-Armindo Joaquim Pacula (25), waseMozambique, uvele phambi kwenkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla ngoMsombuluko.

Uzogqunywa ngaphakathii esitokisini izinsiuku eziyisikhombisa aphinde abuyele phambi kwemantshi.

UPacula uboshwe ngoLwesihlanu ebusuku emikhukhwini yaseMarathon ePrimrose, eKurhuleni.

Ubhekene namacala okubulala, ukwakha uzungu lokubulala, kanye nokwephula uMthetho Wokufuduka.

Inkantolo izwe ukuthi uPacula usezweni ngokungemthetho futhi akanawo amaphepha agunyaza ukuba kuleli kati uthe umazisi wakhe uthathwe ngamaphoyisa.


Ngaphezu kwalokhu, inkantolo iphinde yezwa ukuthi umsolwa akanamali yokukhokhela izindleko nokwenze acele usizo lwabameli bamahhala.


Ummeli wakhe we-Legal Aid utshele inkantolo ukuthi uPacula akanalo ikheli eliqondile, futhi abukho ubufakazi bokuthi usezweni ngokusemthethweni.