EzokokungcebelekaIzindaba

Kuzohlonishwa isihlabani esaduma kuKhozi FM

KUZOHLONISHWA iqhaza elabanjwa owayengumsakazi woKhozi FM uWelcome Bhodloza Nzimande.

UBhodloza wagcina esengumphathi siteshi  waphinda wagxila ekuthuthukiseni umculo kamasikandi, owawubukelwa phansi eminyakeni edlule.

Ingwazi yomculi kamaskandi uZibokwakhe Mnyandu, odume ngelikaPhuzekhemisi iyona eseqhulwini lokwenza lo mcimbi ibambisene nabe-Iciko Lethu Foundation, Usizolwethu Funerals nomndeni wakwaNzimande.

Abahleli baveze ukuthi babone kumqoka ukuthi bengayikhohlwa indima eyadlalwa uBhodloza ngesikhathi edudula uhlelo lwalo mculo emsakazweni usabizwa ngoRadio Zulu.

Ukufuqa lolu hlobo lomculo emsakazweni kwenza kwazalwa izihlabani ezinjengoPhuzushukela, Mgqashiyo Ndlovu, uThwalofu namaNkentshane, uPhuzekhemisi, uMfazomnyama, uHhash’elimhlophe abagcina sebebumba iqembu elabizwa ngeSixaxa Mbiji esashisa izikhotha ngisho nasemazweni aphesheya kwezilwandle.

Kuthe uma eseyekile ukusakaza wayoqhoqhobala isikhundla sokuphatha lo msakazo wakwa-SABC ukudlalwa kukamaskandi kubhebhetheke kakhulu njengoba abasakazi abasha abangena ezicathulweni zakhe, oTshatha Ngobe noNgizwe Mchunu, beqhubekile nokubamba ushuni.

UZandile Nzimande ongunkosikazi kaBhodloza uzwakalise ukujabula ukuthi kunezinhlelo zokukhumbula imisebenzi encomekayo yalesi sihlabani esadlula emhlabeni ngenxa ye-Covid ngo-2021.

UPhuzekhemisi uthe kumqoka ukuthi igama likaBhodloza lingashabalali wanxusa nezinye iziphathimandla nomphakathi ukuthi ukulwele ukungafi kwefagugu lwabantu abamnyama. 

Ushaye indesheni kubaxhasi ukuthi bavule izandla, wathi lokho abazokuphonsa kolekelela umndeni walesi sihlabani esizalwa eRichmond e-KZN Midlands.

Abahleli bathe usuku nendawo yomcimbi basayihlela bahlawumbisela inyanga yamaGugu uSepthemba.

UBhodloza, owayedume ngezidlaliso ezithi iNgulub’encane nelithi –BW, wayebalwa nezilomo kulo msakazo wesiZulu ngenxa yekhono lokusakaza namancoko. 

Ikhono lenza wanikwa nomsebenzi waku-TV Ezodumo esakaza noThuso Motaung oyinkakha yomsakazi wesiSotho kwiLesedi FM. 

Ngaphambi kokushona wake waba imenenja yamakhosi omgxobanyawo iSoul Brothers, eyagcina isihlanganisa i-albhamu esihloko uNdendende nezingqalabutho iLadysmith Black Mambazo, iHhash’elimhlophe noSteve Kekana ngo 2015.

 Bayiqondanisa nokuqeda iminyaka engu-40 leli qembu lomgxobanyawo lisayibambile ishisa kule ndima.