Ezokokungcebeleka

Isililo kushona inkakha yomlingisi

ISIGQEMEKE olungeqiwa ntwala imboni yezokungcebeleka kulandela ukudlula emhlabeni kwenkakha yomlingisi.

UCynthia Shange (76) owaqopha umlando ngokuba nguzime wokuqala ngqa onsundu kuMiss South Africa  waphinda wangenela ezingeni likaMiss World ngo-1972.

Ngokomlayezo ofakwe yindodakazi yakhe uNonhle Thema ku-Instagram, udlule emhlabeni ngemuva kokuxinwa wukugula esesibhedlela esiKwaZulu-Natal.

UCynthia uphinde walingisa emidlalweni eminingi evutshelwe kuleli okubalwa kuyona uMuvhango obusakazwa kuSABC2 noDeliwe kuTV1.

Imininingwane ethinta ukufihlwa kwakhe ayikamenyezelwa.