Ukhale ngokubukelwa phansi umculi olaxaze uMkhonto WeSizwe
USEVELE wesula isigubhukane umculi obephinda abe yilugu lokuqina loMkhonto WerSizwe Party.
UPapa Penny ukhale ngokuhlanjalazwa nokubukelwa phansi ngabathile abakwiMK Party wasenquma ukwesula ephalamende naseqenjini uqobo.
Encwadini yakhe yokwesula ngokusemthethweni, uveze ukuthi ubelokhu ebhekana nokuhlaselwa, ukubukelwa phansi nokuhlamjalazwa nobekwenziwa ngamanye amalungu angomkhaya wakhe eLipompo.
Uqhube wathi ngabe kungcono ukube lokhu bekwenziwa ngamaqembu abaqophisana nawo kodwa kunzima kwenziwa abantu beqembu lakhe iMK Party.
Ukwesula kwakhe kulandelwe yisimemezelo somkhankaso wakhe omusha ceke wesikhundla sokuba yimeya kumasipala waseGiyani.

