Izindaba

Iphoyisa lidubule labulala umkalo ngaphambi kokuzidubula

IPHOYISA lase-Eastern Cape lidubule labulala umkalo ngaphambi kokuzidubula.

Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Nobuntu Gantana, uthe lesi sigameko senzeke eParsonsvlei eGqeberha ngoMgqibelo ebusuku.

Uthe amaphoyisa abizwe endaweni yesehlakalo cishe ngo-00h05 lapho ethole khona izidumbu zephoyisa lesifazane elineminyaka engu-34 ubudala elalisebenza eMount Road SAPS, nomyeni walo oneminyaka engu-44 ubudala, uSergeant wamaphoyisa eNew Brighton.

Uthe imbangela yalenhlekelele ayikaziwa kodwa amaphoyisa ayaphenya.

“Isibhamu okukholakala ukuthi sisetshenziswe kulesi sigameko sitholiwe futhi sathathwa ngamaphoyisa.

“Uhlelo lwe-SAPS Employee Health and Wellness Programme seluqalisiwe ukuhlinzeka ngosizo oludingekayo nokwelulekwa kozakwabo abathintekile kanye namalungu omndeni, okuhlanganisa nezingane ezimbili ezincane ezazikhona endlini ngesikhathi sesigameko,” kusho uGantana.