Ezokokungcebeleka

Umlingisi ubhoboke ngokuhlukunyezwa kuMkhokha: The Curse

UTHULULE amakati esakeni umlingisi othi wahlukumezeka ngendlela exakile ngesikhathi edlala kuMkhokha: The Curse.

UMbali Ngiba ubenengxoxo ekhethekile noLungelo KM owethula uhlelo i-Engineer Your Life kuYouTube.


Lo mlingisi usole abanye abalingisi bakulo mdlalo ngokuba ngamabhoklolo ahlukumezayo.


Nakuba eveze lezi zinsolo ezishaqisayo kodwa uMbali akazange aveze gama lamuntu amkhomba ngenjumbane ngokumhlukumeza.

Exoxa, uthe ubethi uma ebuya emsebenzini aqale ahlale emotweni akhihle esikaNandi ngenxa yokuzwa ubuhlungu.

” Bengifike ngikhale njalo uma ngibuya emsebenzini.

Nangakusasa ekuseni kube yileso kodwa ngizame ngimoyizele ukuze ukuze luqhubeke usuku,” kusho uMbali.


Uthe wayelingisa nomuntu angakhulumisani naye, bekhuluma uma kumele baqophe kuphela.

Nakuba ekhala ngokuhlukunyezwa kodwa wake wanematheni ngokuhlukumeza unogada ngesikhathi eyingxenye yohlelo iReal Housewives of Durban.


Ingcindezi eyadalwa wukugxekwa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana yamphoqa ukuba agcine exolisile.