Ezokokungcebeleka

Usezakhele udumo phesheya uDR Manelli

YIZE umculo wakhe ungadumile eNingizimu Afrika kodwa usezakhele igama ngokunandisa phesheya kwezilwandle, umculi wowokholo uDR Manelli.

Le ntokazi ecula owokholo, ingeyaseMlazi, eThekwini.

Ukuvelela kwakhe emculweni uthe ukubone ngesikhathi ethola ithuba lokunandisa eLondon  kwiBritish Film Festival eLeicester Square, kwi-AY Live Show nakwi-IGODYE.

Echaza ngohambo lwakhe emculweni uthe, eNingizimu Afrika wake wasebenza nezinkakha emculweni okungoRay Phiri, iStimela noRebecca Malope futhi wenza namaJingles eziteshini zemisakazo nethelevishini kwaSABC.

Njengamanje uthe usezinze e-United Kingdom.

Emiklomelweni yezindondo usake wahlabana nge-EPRA UK 2023 Female Inspirational Artist/Vocalist of the Year ne-BEFFTA Star Award.

Uthe usebenzisa umculo ukudumisa uNkulunkulu.