Ezokokungcebeleka

Umlingisi weMy Brother’s Keeper ecaleni lokubhaxabula

ISILOMO somlingisi weMy Brother’s Keeper uNkanyiso Mchunu sivulelwe icala lokushaya owayesinqandamathe sakhe ngempelasonto.

Ngokubika kweTimesLive namhlanje uNkanyiso uhilizisane noMasetshaba Monna ebusuku bangoMgqibelo washiya le ntokazi nemihukuzo ebusweni.

Ivuke ngakusasa yayovula icala eDiepsloot eGoli  kanti nokhulumela amaphoyisa uColonel Dimakatso Nevhuhulwini ukuqinisekile ukuthi kunecala eliphenywayo lesigameko esenzeke phakathi kowesilisa nowesifazane.

UNkanyiso nokho uphikile ukuthi umshayile uMasetshaba wathi yena ubemphuca ifoni yakhe ngoba ubengaqondi ukuthi kungani eyicofacofa ekubeni abasathandani.

UColonel Nevhuhulwini uthe icala selithuthele eHoneydew Police Station kanti bayaliphenya.

 Lo mlingisi oseke wabonakala emidlalweni efana noZalo, Muvhango, eHostela, Umkhoka: The Curse and Imbewu ugxeke uMasetshaba ngokuthi akafuni aqhubeke nempilo ngoba selwaphela uthando.

“Mina kwangithusa ukumbona kwami ebusuku. Nguye owadala uchuku waze wathatha ifoni okuyinto esayibanga kakhulu,” kusho uMchunu.

UMasetshaba uthe baqala ukuthandana ngo-October 2023 ngemuva kokuhlangana ephathini yomngani.

Uthe konke kwakuhamba kahle ethengelwa izimbali akhishelwe ezindaweni eziphambili kodwa usekhathele ukuba ukudla kwenduku.