Izindaba

Ugwetshwe inqwaba yeminyaka umalugaju waseMtshezi

UZOBOLELA ejele umlisa waseMtshezi obesebaqedile abesifazane edlwengula ephindelela.


USabelo Khumalo (33) ugixabezwe iminyaka ewu-85 yiNkantolo Yesifunda yase-Estcourt.

UKhumalo ugwetshwe ngamacala amahlanu okudlwengula namacala amabili okugqekeza indlu ngenhloso yokweba nokweba. 

UKhumalo wenze la macala eNtambamhlophe naseWembezi Estcourt kusukela ngoJanuary 2021 kuya kuSeptember 2023.

Kulapho uKhumalo wadlwengula abesifazane abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-22 no-29 ubudala. 


Wayebahlasela emakhaya abo ekuseni kakhulu ebadlwengula. 


Ezehlakalweni ezimbili, wathatha omakhalekhukhwini babamangali maqede wabaleka.

UKhumalo waboshwa ngemuva kwesinye isigameko sokugqekeza, lapho amasampula e-buccal (athathwe ekuboshweni kwakhe) amxhumanisa nolibofuzo amacala angaphambilini.

Enkantolo, umbuso wethule ubufakazi babo bonke abamangali okuyilapho kuvele khona ubunzima ababhekene nabo ngenxa yalezi zigameko. 


Ngaphezu kwalokho, ubufakazi be-DNA obuhlanganisa imibiko yochwepheshe exhumanisa uKhumalo namacala bufakwe njengezibonakaliso enkantolo. 


Ukuze kuqiniswe isigwebo, umbuso ucele inkantolo ukuthi ikhiphe izigwebo ngokuhambisana nesigwebo esincane, nokuthi izigwebo ziqhubeke ngokulandelana. 


Leli cala lashushiswa ngempumelelo nguMnu. Eddie Mbewu noNkz Nonhlanhla Phungula.

UKhumalo ugwetshwe iminyaka eyi-15 ejele ngecala ngalinye kulawa amahlanu okudlwengula, kanye neminyaka emihlanu ejele ngecala ngalinye kwalawa amabili okugqekeza ngenhloso yokweba nokweba. 


Inkantolo ithe izigwebo uzozidonsa ngokulandelana, nokuholele ekuhlanganisweni kwazo kwaba yiminyaka ewu-85 ejele.


Inkantolo ithe akafanele ukuba nesibhamu, futhi inkantolo iyalele ukuthi igama lakhe lifakwe kwi-National Register for Sex Offenders.

I-National Prosecuting Authority (NPA) iyakwamukela ukugwetshwa kanye nesigwebo asinikiwe.